Ngokukamarku 2:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wabuye wangena eKapernawume emva kwezinsuku ezithile; kwezwakala ukuthi usendlini.

2. Kwase kubuthana abaningi, akwabe kusabakho ndawo nangasemnyango; wakhuluma izwi kubo.

3. Beza kuye bethwele umuntu ofe uhlangothi, ephethwe ngabantu abane.

4. Bengenakusondela kuye ngenxa yesixuku baqaqa uphahla lapho ekhona, bathi sebebhobozile behlisa uhlaka alele kulo ofe uhlangothi.

Ngokukamarku 2