1. Wabuye wangena eKapernawume emva kwezinsuku ezithile; kwezwakala ukuthi usendlini.
2. Kwase kubuthana abaningi, akwabe kusabakho ndawo nangasemnyango; wakhuluma izwi kubo.
3. Beza kuye bethwele umuntu ofe uhlangothi, ephethwe ngabantu abane.
4. Bengenakusondela kuye ngenxa yesixuku baqaqa uphahla lapho ekhona, bathi sebebhobozile behlisa uhlaka alele kulo ofe uhlangothi.