11. Kwathi bona sebezwile ukuthi uyaphila nokuthi uboniwe nguye, abaze bakholwa.
12. Emva kwalokho wabonakala ngesinye isimo kwababili kubo behamba beya emaphandleni.
13. Nabo bahamba babikela abanye; nalabo abaze bakholwa.
14. Ngasemuva wabonakala kwabayishumi nanye behlezi ekudleni, wabasola ngokungakholwa kwabo nangobulukhuni benhliziyo yabo, ngokuba bengakholwanga yilabo abambonileyo esevukile.