Ngokukamarku 15:24-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Ayesembethela esiphambanweni, abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho ngazo ukuthi yilowo nalowo uyakuthathani.

25. Kwakuyihora lesithathu esembethela esiphambanweni.

26. Umbhalo wecala lakhe ubulotshiwe ngaphezulu wokuthi: INKOSI YABAJUDA.

27. Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili, omunye ngakwesokunene nomunye ngakwesokhohlo sakhe.

28. Kwase kugcwaliseka umbhalo othi: “Wabalwa kanye naboni.”

Ngokukamarku 15