Ngokukamarku 15:12-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. UPilatu wabuye waphendula, wathi kubo: “Pho-ke, ngimenzenjani lo enithi uyinkosi yabaJuda na?”

13. Babuye bamemeza, bathi: “Mbethele esiphambanweni!”

14. Kodwa uPilatu wathi kubo: “Ngokuba wenze bubi buni na?”Kepha bamemeza kakhulu, bathi: “Mbethele esiphambanweni!”

15. Khona uPilatu ethanda ukudelisa isixuku wasikhululela uBaraba, kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni.

Ngokukamarku 15