Ngokukamarku 14:6-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Kepha uJesu wathi: “Myekeni; nimhluphelani na? Usebenzile umsebenzi omuhle kimi.

7. Ngokuba abampofu ninabo njalo; nanini, uma nithanda, ningabenzela okuhle: kepha mina aninami njalo.

8. Wenzile abengakwenza; wandulele ukuwugcobela umzimba wami ukumbelwa.

9. Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona ivangeli ezweni lonke, kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo, kube yisikhumbuzo ngaye.”

10. UJuda Iskariyothe, omunye wabayishumi nambili, wayeseya kubapristi abakhulu ukuba amkhaphele kubo.

11. Sebezwile bathokoza, bathembisa ukumnika imali. Wayesefuna ithuba lokumkhaphela.

12. Ngosuku lokuqala lwesinkwa esingenamvubelo okwakuhlatshwa ngalo iphasika abafundi bakhe bathi kuye: “Uthanda ukuba siye silungiselephi ukuba udle iphasika na?”

13. Wayesethuma ababili kubafundi bakhe, wathi kubo: “Hambani niye emzini; khona nizakuhlangana nomuntu othwele imbiza yamanzi; mlandeleni.

14. Lapho engena khona, anothi kumninindlu: ‘Uthi uMfundisi: Iphi indlu yami, lapho ngingadlela khona iphasika nabafundi bami, na?’

15. Yena uzakunikhombisa ikamelo elikhulu eliphezulu, elendlelweyo, lilungisiwe; silungiseleni khona.”

16. Bahamba abafundi bafika emzini, bafumana kunjengokusho kwakhe kubo; base belungisa iphasika.

17. Kusihlwa wafika nabayishumi nambili.

18. Sebehlezi ekudleni, uJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Omunye kini, odla nami, uzakungikhaphela.”

19. Baqala ukudabuka, bathi kuye ngamunye: “Kungaba yimi na?”

20. Wathi kubo: “Ngomunye wabayishumi nambili, okha kanye nami esitsheni.

21. INdodana yomuntu iyamuka kambe njengokulotshiwe ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Nga kukuhle kulowo muntu ukuba kazalwanga.”

22. Kwathi besadla, uJesu wathabatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wabanika, wathi: “Thabathani nidle; lokhu kungumzimba wami.”

23. Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika; baphuza kuso bonke.

Ngokukamarku 14