Ngokukamarku 14:33-43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

33. Wathatha oPetru noJakobe noJohane, waqala ukuba novalo nosizi.

34. Wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde.”

35. Waqhubeka ingcosana, wawa phansi, wakhuleka ukuba, uma kungenzeka, kudlule kuye lo mzuzu.

36. Wathi: “Aba, Baba, konke kungenzeka kuwe; ake ususe kimi lesi sitsha, kepha kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.”

37. Wayeseza, wabafumana belele; wathi kuPetru: “Simoni, ulele na? Ubungelinde ihora libe linye na?

38. Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.”

39. Wabuye wasuka waya kukhuleka, esho lona lelo zwi.

40. Esebuya futhi wabafumana belele, ngokuba amehlo abo ayenzima; babengazi ukuthi bazakumphendula ngokuthini.

41. Weza ngokwesithathu, wathi kubo: “Nisalele namanje niphumula. Kwanele, ihora lifikile; bhekani, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni.

42. Sukumani sihambe. Bhekani, ongikhaphelayo usesondele.”

43. Khona masinyane esakhuluma, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esinezinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu nababhali namalunga.

Ngokukamarku 14