Ngokukamarku 12:26-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. Kepha maqondana nabafileyo ukuthi bayavuswa anifundanga yini encwadini kaMose ngesihlahla ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuye, wathi: ‘NginguNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe,’ na?

27. Akasiye uNkulunkulu wabafileyo kodwa owabaphilayo. Nidukile kakhulu.”

28. Kwase kusondela omunye wababhali owayebezwile bebuzana, eqonda ukuthi wayebaphendule kahle, wambuza wathi: “Ngumuphi umyalo wokuqala kuyo yonke na?”

29. UJesu waphendula wathi: “Owokuqala ngowokuthi: ‘Yizwa, iNkosi uNkulunkulu wethu, iNkosi, yinye.

30. Woyithanda iNkosi, uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo onke amandla akho.’

31. Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame wakho njengalokhu uzithanda wena.’ Awukho omunye umyalo omkhulu kunale.”

32. Umbhali wayesethi kuye: “Yebo, Mfundisi, ushilo ngeqiniso ukuthi yinye, ayikho enye ngaphandle kwayo;

33. futhi ukuyithanda yona ngenhliziyo yonke, nangengqondo yonke, nangamandla onke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.”

34. UJesu embona ukuthi uphendule ngokuqonda, wathi kuye: “Awukude nombuso kaNkulunkulu.” Akwabe kusabakho onesibindi sokumbuza.

Ngokukamarku 12