Ngokukamarku 11:26-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. Kepha uma nina ningathetheleli, noYihlo osezulwini akayikunithethelela iziphambeko zenu.”

27. Babuye bafika eJerusalema; kwathi ehamba ethempelini, beza kuye abapristi abakhulu, nababhali, namalunga,

28. bathi kuye: “Lokhu ukwenza ngagunya lini na? Ngubani okunike leli gunya ukuze wenze lokhu na?”

29. Kepha uJesu wathi kubo: “Ngizakunibuza izwi libe linye, nize ningiphendule; yikhona ngizakunitshela ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.

30. Ukubhapathiza kukaJohane kwavela ezulwini noma kubantu na? Ngiphenduleni.”

31. Bakhulumisana bodwa, bathi: “Uma sithi: ‘Ezulwini,’ uzakuthi: ‘Pho, anikholwanga nguye ngani na?’

32. Kepha uma sithi: ‘Kubantu,’ ” besaba isixuku, ngokuba bonke bathi uJohane ungumprofethi impela.

33. Base bemphendula uJesu, bathi: “Asazi.”Wayesethi uJesu kubo: “Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.”

Ngokukamarku 11