Ngokukamarku 11:26-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. Kepha uma nina ningathetheleli, noYihlo osezulwini akayikunithethelela iziphambeko zenu.”

27. Babuye bafika eJerusalema; kwathi ehamba ethempelini, beza kuye abapristi abakhulu, nababhali, namalunga,

28. bathi kuye: “Lokhu ukwenza ngagunya lini na? Ngubani okunike leli gunya ukuze wenze lokhu na?”

29. Kepha uJesu wathi kubo: “Ngizakunibuza izwi libe linye, nize ningiphendule; yikhona ngizakunitshela ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.

30. Ukubhapathiza kukaJohane kwavela ezulwini noma kubantu na? Ngiphenduleni.”

Ngokukamarku 11