Ngokukamarku 11:19-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Njalo ngokuhlwa baphuma emzini.

20. Kusasa bedlula babona umkhiwane ubunile kusukela ezimpandeni.

21. UPetru ekhumbula wathi kuye: “Rabi, bheka, umkhiwane owuqalekisileyo ubunile.”

22. UJesu waphendula, wathi kubo: “Kholwani nguNkulunkulu.

23. Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ engangabazi enhliziyweni yakhe kepha ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuyenzeka, uzakuba nakho.

Ngokukamarku 11