52. Wathuma izithunywa phambi kwakhe; zahamba, zangena emzini wamaSamariya ukuba zimlungisele.
53. Kepha awamamukelanga, ngokuba ubuso bakhe babubheke eJerusalema.
54. Kuthe abafundi bakhe oJakobe noJohane sebekubonile lokho, bathi: “Nkosi, uyathanda ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, uwaqede, na?”
55. Kepha waguquka, wabakhuza wathi: “Anazi ukuthi ningabomoya muni.