Ngokukaluka 8:47-56 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

47. Owesifazane ebona ukuthi kanakufihleka, weza ethuthumela, eziphonsa phansi phambi kwakhe, walanda phambi kwabantu bonke isisusa sokuba amthinte nokuthi usinde khona lapho.

48. Wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba, ube nokuthula.”

49. Esakhuluma, kwafika othile evela kwamphathi wesinagoge,* wathi kuye: “Indodakazi yakho isifile; ungabe usamkhathaza uMfundisi.”

50. Kepha uJesu ekuzwa lokho wamphendula wathi: “Ungesabi, kholwa kuphela; izakusinda.”

51. Esefike endlini kavumanga ukuba kungene muntu naye, kuphela oPetru, noJohane, noJakobe, noyise wentombazana, nonina.

52. Babekhala bonke beyililela; kepha wathi: “Ningakhali; ayifile, kodwa ilele.”

53. Bamhleka usulu, bazi ukuthi ifile.

54. Kepha yena wayibamba ngesandla, wamemeza wathi: “Ntombazana, vuka!”

55. Wabuyela umoya wayo, yavuka khona lapho; wayala ukuba inikwe ukudla.

56. Abazali bayo bethuka; wabayala ukuba bangatsheli muntu okwenzekileyo.

Ngokukaluka 8