30. UJesu wambuza wathi: “Ungubani igama lakho?”Wathi: “ULegiyona,*” ngokuba amademoni amaningi ayengene kuye.
31. Amncenga ukuba angawayali ukuya kwalasha.
32. Kwakukhona lapho umhlambi wezingulube eziningi ziklabile entabeni; amncenga ukuba awavumele angene kuzo; wawavumela.
33. Aphuma-ke amademoni kuye umuntu, angena ezingulubeni, umhlambi wagulukudela eweni, waphonseka elwandle, waminza.
34. Kwathi ababezalusa bebona okwenzekileyo, babaleka, bakubika emzini nasemaphandleni.