29. Abantu bonke, yebo, nabathelisi sebezwile bamvuma uNkulunkulu, babhapathizwa ngombhapathizo kaJohane.
30. Kepha abaFarisi nezazimthetho balenza ize icebo likaNkulunkulu maqondana nabo bengabhapathizwanga nguye.
31. “Pho-ke, abantu balesi sizukulwane ngiyakubafanisa nani na? Bafana nani na?
32. Bafana nabantwana abahlezi esigcawini bememezana bethi:“ ‘Sinibethele imitshingo, anisinanga;salilisela, anikhalanga.’
33. “Ngokuba uJohane uMbhapathizi ufikile engadli sinkwa, engaphuzi wayini; nithi-ke: ‘Unedemoni.’
34. Ifikile iNdodana yomuntu, idla, iphuza, senithi: ‘Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umhlobo wabathelisi nezoni.’
35. Kodwa ukuhlakanipha kuvunyiwe ngabantwana bakho bonke.”
36. Omunye wabaFarisi wammema ukuba adle naye; esengene endlini yomFarisi wahlala ekudleni.