Ngokukaluka 7:25-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

25. Kanti naphuma ukuyobonani na? Umuntu owembethe izingubo ezinothonotho na? Bhekani, abembethe okukhazimulayo, betamasa, basezindlini zamakhosi.

26. Kodwa naphuma ukuyobonani na? Umprofethi na? Yebo, ngithi kini: Odlula umprofethi.

27. Nguye okulotshwe ngaye ukuthi:“ ‘Bheka, ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakhoesiyakulungisa indlela yakho phambi kwakho.’

28. “Ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akakho omkhulu kunoJohane; kepha omncane embusweni kaNkulunkulu mkhulu kunaye.”

Ngokukaluka 7