Ngokukaluka 6:11-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Base begcwala ukuhlanya, bakhuluma bodwa ngokuthi bangamenze njani uJesu.

12. Kwathi ngalezo zinsuku waphuma waya entabeni ukuyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu.

13. Kwathi sekusile, wababiza abafundi bakhe, wakhetha kubo abayishumi nambili, wabaqamba ngokuthi abaphostoli:

14. uSimoni owamqamba ngokuthi uPetru, no-Andreya umfowabo, noJakobe, noJohane, noFiliphu, noBartolomewu,

Ngokukaluka 6