1. Kwathi ngesabatha wadabula amasimu; abafundi bakhe bakha izikhwebu, badla bezihlikihla ngezandla.
2. Kepha abathile babaFarisi bathi: “Nenzelani lokho okungavunyelwe ngesabatha na?”
3. UJesu ebaphendula wathi: “Anifundanga yini ngalokho akwenza uDavide mhla elambile yena nababe naye
4. ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wathatha izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngabapristi bodwa, wadla, wanika nababe naye, na?”
5. Wathi kubo: “INdodana yomuntu iyiNkosi neyesabatha.”
6. Kwathi-ke ngelinye isabatha wangena esinagogeni,* wafundisa. Kwakukhona umuntu lapho osandla sakhe sokunene sasishwabene.