Ngokukaluka 5:8-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Kuthe uSimoni Petru ekubona lokho, waziphonsa phansi ngasemadolweni kaJesu, wathi: “Suka kimi, Nkosi, ngokuba ngingumuntu oyisoni.”

9. Ngokuba ubehlelwa ngukwesaba, yena kanye nabo bonke ababe naye, ngobuningi bezinhlanzi ababezibambile,

10. kanjalo-ke noJakobe noJohane amadodana kaZebedewu ababesebenzisana noSimoni.UJesu wathi kuSimoni: “Ungesabi; kusukela manje uzakubamba abantu.”

11. Sebeyilethile imikhumbi emhlabathini bashiya konke, bamlandela.

12. Kwathi ekomunye wemizi, bheka, nanso indoda egcwele uchoko. Kuthe embona uJesu, wawa ngobuso, wamnxusa wathi: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula.”

13. Welula isandla sakhe, wamphatha, wathi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Masinyane uchoko lwasuka kuye.

14. Wamyala ukuba angatsheli muntu, wathi: “Kepha suka, uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho, njengalokho uMose akuyalayo, kube ngubufakazi kubo.”

15. Kwayilapho ukukhuluma ngaye kwanda kakhulu. Zabuthana izixuku eziningi ukuzwa nokuphulukiswa ezifweni zazo.

Ngokukaluka 5