5. USimoni waphendula wathi: “Nkosi, sishikile ubusuku bonke, asibambanga lutho; kepha ngezwi lakho ngiyakuwehlisa amanetha.”
6. Sebekwenzile lokho babamba izinhlanzi eziningi kakhulu, aze agqabuka amanetha abo.
7. Babaqhweba omana babo abakomunye umkhumbi ukuba beze, bababambise. Beza-ke, bayigcwalisa imikhumbi yomibili, yaze yathi ayizike.
8. Kuthe uSimoni Petru ekubona lokho, waziphonsa phansi ngasemadolweni kaJesu, wathi: “Suka kimi, Nkosi, ngokuba ngingumuntu oyisoni.”
9. Ngokuba ubehlelwa ngukwesaba, yena kanye nabo bonke ababe naye, ngobuningi bezinhlanzi ababezibambile,