Ngokukaluka 5:13-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Welula isandla sakhe, wamphatha, wathi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Masinyane uchoko lwasuka kuye.

14. Wamyala ukuba angatsheli muntu, wathi: “Kepha suka, uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho, njengalokho uMose akuyalayo, kube ngubufakazi kubo.”

15. Kwayilapho ukukhuluma ngaye kwanda kakhulu. Zabuthana izixuku eziningi ukuzwa nokuphulukiswa ezifweni zazo.

16. Kepha yena wamonyukela ehlane, wakhuleka.

Ngokukaluka 5