Ngokukaluka 4:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJesu egcwele uMoya oNgcwele wabuya eJordani, waholekela ngoMoya ehlane,

2. elingwa nguSathane izinsuku ezingamashumi amane. Akadlanga lutho kulezo zinsuku; seziphelile, walamba.

3. Wayesethi kuye uSathane: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho kuleli tshe ukuba libe yisinkwa.”

4. UJesu wamphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu azakuphila ngaso.’ ”

Ngokukaluka 4