19. Kepha uHerode umtetrarki,* esolwa nguye ngenxa kaHerodiya umkamfowabo nangenxa yakho konke okubi abekwenzile uHerode,
20. wenezela nalokhu kokunye konke, wamvalela uJohane etilongweni.
21. Kwathi bebhapathiziwe abantu bonke, naye uJesu esebhapathiziwe, ekhuleka, izulu lavuleka,
22. uMoya oNgcwele enesimo somzimba njengejuba wehlela phezu kwakhe; kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.”
23. Yena uJesu, ukuqala kwakhe, wayeneminyaka engaba ngamashumi amathathu, eyindodana, njengokushiwoyo, kaJosefa ka-Eli
24. kaMathati kaLevi kaMeliki kaJanayi kaJosefa
25. kaMatathiya ka-Amose kaNahume ka-Eseli kaNagayi
26. kaMati, kaMatathiya kaSemeyini kaJosefa kaJuda
27. kaJohanani kaResa kaZorobabeli kaSalatiyeli kaNeri
28. kaMeliki ka-Adi kaKosamu ka-Elimadamu ka-Eri
29. kaJose ka-Eliyezeri kaJorimi kaMathati kaLevi
30. kaSimeyoni kaJuda kaJosefa kaJonamu ka-Eliyakimi
31. kaMeleya kaMena kaMathata kaNathamu kaDavide
32. kaJesayi ka-Obede kaBowasi kaSala kaNasoni
33. ka-Aminadaba ka-Adameyini ka-Arani ka-Esiromu kaFaresi kaJuda
34. kaJakobe ka-Isaka ka-Abrabama kaThara kaNahori
35. kaSeruki kaRagawu kaFaleki ka-Ebere kaSala