Ngokukaluka 3:13-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Wathi kubo: “Ningabizi lutho ngaphezu kwenikumiselweyo.”

14. Namabutho ambuza athi: “Thina-ke, sizakwenzani na?”Wathi kuwo: “Ningamuki muntu lutho ngendluzula, ningamxabheleli; yaneliswani yizinkokhelo zenu.”

15. Abantu besabhekile, bezindla bonke ezinhliziyweni zabo ngoJohane ukuthi ingabe unguKristu yini,

16. uJohane waphendula, wathi kubo bonke: “Mina kambe nginibhapathiza ngamanzi, kepha uyeza onamandla kunami engingafanele ukuthukulula umchilo wezicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo;

17. oqoma lakhe lokwela lisesandleni sakhe ukushanelisisa isibuya sakhe nokubuthela ukolweni enqolobaneni yakhe; kepha amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”

18. Nangokunye okuningi washumayela ivangeli kubantu, ebayala.

Ngokukaluka 3