Ngokukaluka 23:50-53 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

50. Bheka-ke, kwakukhona indoda, igama layo nguJosefa, eyilungu lomphakathi, indoda enhle nelungileyo --

51. yona yayingavumanga icebo nesenzo sabo -- eyase-Arimatheya umuzi wabaJuda, eyayibheke umbuso kaNkulunkulu;

52. yona yaya kuPilatu, yacela isidumbu sikaJesu.

53. Yasehlisa, yasisonga ngendwangu enhle, yasibeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, lapho kungakabekwa muntu khona.

Ngokukaluka 23