Ngokukaluka 22:63-67 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

63. Amadoda abembambile uJesu ambhinqa emshaya.

64. Ammboza ubuso, ambuza ethi: “Profetha ukuthi ngubani okushayileyo na?”

65. Nokunye okuningi akukhuluma kuye emthuka.

66. Kwathi sekusile, kwabuthana amalunga abantu nabapristi abakhulu nababhali, bamyisa emphakathini wabo,

67. bathi: “Uma unguKristu, sitshele.”Wathi kubo: “Uma nginitshela, anisoze nakholwa;

Ngokukaluka 22