Ngokukaluka 22:59-66 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

59. Sekudlulile okungathi ihora linye, omunye umuntu waqinisa wathi: “Impela nalona ube naye, ngokuba futhi ungowaseGalile.”

60. Kepha uPetru wathi: “Muntundini, angikwazi ukuthi uthini.” Masinyane esakhuluma, lakhala iqhude.

61. INkosi yayisiphenduka, yambheka uPetru. UPetru walikhumbula izwi leNkosi, njengokuba ithe kuye: “Iqhude lingakakhali namhlanje, uzakungiphika kathathu.”

62. Waphumela phandle, wakhala kamunyu.

63. Amadoda abembambile uJesu ambhinqa emshaya.

64. Ammboza ubuso, ambuza ethi: “Profetha ukuthi ngubani okushayileyo na?”

65. Nokunye okuningi akukhuluma kuye emthuka.

66. Kwathi sekusile, kwabuthana amalunga abantu nabapristi abakhulu nababhali, bamyisa emphakathini wabo,

Ngokukaluka 22