Ngokukaluka 22:47-50 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

47. Esakhuluma, bheka, kwafika isixuku; naye othiwa uJuda, omunye wabayishumi nambili, wayehamba phambi kwabo, wasondela kuJesu ukumanga.

48. Kepha uJesu wathi kuye: “Juda, uyayikhaphela iNdodana yomuntu ngokuyanga na?”

49. Kuthe ababengakuye sebebona okuzakwenzeka, bathi: “Nkosi, sigadle ngenkemba na?”

50. Omunye othile kubo wayigadla inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe yokunene.

Ngokukaluka 22