37. Ngokuba ngithi kini: Kumelwe ukugcwaliseka kimi lokho okulotshiweyo kokuthi: ‘Wabalwa kanye nezelelesi;’ ngokuba okuqondene nami sekuyaphelela.”
38. Base bethi: “Nkosi, bheka, nazi izinkemba ezimbili.”Wathi kubo: “Kwanele.”
39. Wayesephuma, waya eNtabeni Yeminqumo njengomkhuba wakhe, nabafundi bakhe bamlandela.
40. Esefikile endaweni wathi kubo: “Khulekani ukuba ningangeni ekulingweni.”
41. Wamonyuka kubo kungathi ibanga lokuphonsa itshe, waguqa phansi, wakhuleka,
42. wathi: “Baba, uma uthanda, susa lesi sitsha kimi; nokho makungenziwa intando yami kodwa eyakho.”
43. Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa.
44. Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.