Ngokukaluka 22:25-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

25. Wayesethi kubo: “Ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, neziphathimandla zazo zithiwa abazenzela okuhle.

26. Kepha nina aninjalo; kodwa omkhulu kini makabe njengomncinyane, nobusayo makabe njengokhonzayo.

27. Ngokuba ngumuphi omkhulu, ohlezi ekudleni noma okhonzayo, na? Akusiye ohlezi ekudleni na? Kepha mina ngiphakathi kwenu njengokhonzayo.

28. Nina-ke ningababekhuthazela nami ekulingweni kwami;

29. nanjengokuba uBaba engimisele umbuso, nami nginimisela wona

30. ukuba nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami; niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.

31. “Simoni, Simoni, bheka, uSathane unifunile ukuba anihlunge njengokolweni;

32. kepha mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli; wena-ke, nxa usuphendukile, uqinise abafowenu.”

Ngokukaluka 22