Ngokukaluka 22:22-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. Ngokuba iNdodana yomuntu isihamba njengokumisiweyo, kepha maye kulowo muntu ekhashelwa ngaye!”

23. Base beqala ukubuzana bodwa ukuthi kungase kube ngubani kubo ozakukwenza lokho.

24. Kwavela nokuphikisana phakathi kwabo kokuthi ngumuphi kubo ongathiwa omkhulu.

25. Wayesethi kubo: “Ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, neziphathimandla zazo zithiwa abazenzela okuhle.

Ngokukaluka 22