Ngokukaluka 22:13-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Basuka, bafumana kunjengokusho kwakhe kubo; base belungisa iphasika.

14. Kwathi ukuba kufike isikhathi, wahlala phansi, nabaphostoli kanye naye.

15. Wayesethi kubo: “Nginxanele nokunxanela ukudla nani leli phasika ngingakahlupheki.

16. Ngokuba ngithi kini: Angisayikulidla ngempela lize ligcwaliseke embusweni kaNkulunkulu.”

17. Wamukela isitsha, wabonga wathi: “Thabathani lokhu, nabelane;

Ngokukaluka 22