1. Kwasondela umkhosi wesinkwa esingenamvubelo othiwa iPhasika.
2. Abapristi abakhulu nababhali bafuna ukuba bangambulala kanjani; ngokuba babesaba abantu.
3. Kepha uSathane wangena kuJuda othiwa u-Iskariyothe engowabayishumi nambili.
4. Wasuka wakhuluma nabapristi abakhulu nezinduna ngokuthi angamkhaphela kanjani kubo.