Ngokukaluka 21:6-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. “Kuyakufika izinsuku, lapho kungayikushiywa kulokhu enikubonayo itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.”

7. Base bembuza bethi: “Mfundisi, lokhu kuyakuba nini na? Nesibonakaliso siyakuba yini, lapho sekuyakwenzeka lokhu, na?”

8. Wathi: “Qaphelani ningadukiswa, ngokuba kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: ‘Nginguye;’ bathi futhi: ‘Isikhathi sesisondele;’ maningabalandeli.

Ngokukaluka 21