Ngokukaluka 21:13-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Kuyakunehlela kube ngubufakazi.

14. Ngakho kugcineni ezinhliziyweni zenu ukuba ningazindli ngaphambili eniyakuziphendulela ngakho;

15. ngokuba mina ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha abangemelane nakho, bakuphike, bonke abayimpi kini.

16. Yebo, niyakukhashelwa nangabazali, nabafowenu, nezihlobo, nabangane; abanye benu bayakubulawa yibo.

17. Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami.

18. Akuyikulahleka nalunwele lwekhanda lenu.

Ngokukaluka 21