1. Kwathi ebheka, wabona abacebileyo bebeka iminikelo yabo emphongolweni womnikelo.
2. Wabona nomfelokazi othile ompofu ebeka khona amafadingi* amabili;
3. wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Lo mfelokazi ompofu ubeke okuningi kunabo bonke.
4. Ngokuba bonke laba babeka eminikelweni kokuchichimileyo kwabo, kepha yena ebumpofini bakhe ubeke konke abephila ngakho.”