Ngokukaluka 20:20-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Bamqaphela, bathuma izinhloli ezizishaya abalungileyo ukuba bamhile ngezwi lakhe, baze bamkhaphele emandleni nasegunyeni lombusi wezwe.

21. Bambuza-ke bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma, ufundisa ngokuqondileyo, awukhethi buso bamuntu, kepha ufundisa indlela kaNkulunkulu ngokuqinisileyo.

22. Sivunyelwe ukuthela kuKesari noma qha?”

23. Kepha eqonda ubuqili babo wathi kubo:

24. “Ngiboniseni udenariyu;* unomfanekiso nombhalo kabani?”Bathi: “OkaKesari.”

25. Wayesethi kubo: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”

26. Abaze baba namandla ukumhila ngezwi lakhe phambi kwabantu; bamangala ngokuphendula kwakhe, bathula.

27. Kwase kufika kuye abathile babaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo;

Ngokukaluka 20