Ngokukaluka 18:17-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo.”

18. Umbusi othile wayesembuza ethi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?”

19. Kepha uJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Kakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu.

20. Uyayazi imiyalelo ukuthi: ‘Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, yazisa uyihlo nonyoko.’ ”

21. Kepha wathi: “Konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami.”

22. UJesu ekuzwa lokho wathi kuye: “Usasilalelwe into inye: thengisa ngakho konke onakho, wabele abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”

23. Kuthe ekuzwa lokho, wadabuka impela, ngokuba wayenothile kakhulu.

24. UJesu embona wathi: “Kulukhuni kangakanani kwaba nomnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.

25. Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.”

26. Abezwayo base bethi: “Pho, kungasindiswa bani na?”

27. Kepha wathi: “Okungenzeki kubantu kungenzeka kuNkulunkulu.”

Ngokukaluka 18