Ngokukaluka 17:27-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, kwafika uzamcolo, wababhubhisa bonke.

28. “Kanjalo njengokuba kwenzeka nasemihleni kaLoti, babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala, bakha;

29. kepha ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma lana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke;

Ngokukaluka 17