Ngokukaluka 17:11-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Kwathi esehamba ukuya eJerusalema, wadabula iSamariya neGalile.

12. Esangena emzaneni othile, kwahlangana naye amadoda ayishumi anochoko, amela kude,

13. aphakamisa izwi, athi: “Jesu Nkosi, sihawukele!”

14. Kuthe ewabona, wathi kuwo: “Hambani, niyoziveza kubapristi.” Kwathi esahamba, ahlanjululwa.

15. Enye yawo isibona ukuthi iphulukisiwe, yabuya imdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu,

16. yawa ngobuso ngasezinyaweni zakhe imbonga; yayingumSamariya.

17. Kepha uJesu waphendula wathi: “Akuhlanjululwanga abayishumi na? Baphi, pho, abayisishiyagalolunye na?

18. Abafunyaniswanga yini ababuyela ukumnika uNkulunkulu udumo, kuphela lona wezizwe na?”

19. Wayesethi kuye: “Sukuma uhambe; ukukholwa kwakho kukusindisile.”

20. Ebuzwe ngabaFarisi ukuthi umbuso kaNkulunkulu uzakufika nini, wabaphendula wathi: “Umbuso kaNkulunkulu awufiki ubonwa ngamehlo.

21. Futhi kabayikusho ukuthi: ‘Bhekani, nanku,’ nokuba, ‘nankuya;’ ngokuba bhekani, umbuso kaNkulunkulu uphakathi kini.”

22. Wayesethi kubafundi bakhe: “Kuzakufika izinsuku, lapho niyakufisa ukubona lube lunye lwezinsuku zeNdodana yomuntu, kepha aniyikulubona.

23. Bayakuthi kini: ‘Bhekani, nansiya; bhekani, nansi;’ maningayi, ningalandeli.

24. Ngokuba njengonyazi, nxa lunyazima kwenye indawo phansi kwezulu, lukhanya luze lufike kwenye indawo phansi kwezulu, yoba njalo iNdodana yomuntu ngosuku lwayo.

25. Kepha kuqala imelwe ukuhlupheka ngokuningi, yaliwe yilesi sizukulwane.

26. “Njengokuba kwenzeka emihleni kaNowa, kuyakuba njalo nasemihleni yeNdodana yomuntu.

Ngokukaluka 17