Ngokukaluka 15:11-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Wayesethi: “Umuntu othile wayenamadodana amabili.

12. Encane yawo yayisithi kuyise: ‘Baba, nginike isabelo sefa esiqondene nami;’ wawahlukanisela impahla.

13. “Kwathi emva kwezinsuku ezingeziningi indodana encane yayisibutha konke, yamuka, yaya ezweni elikude, yachitha khona imfuyo yayo ihamba ngokonakala.

14. Isisaphaze konke, kwavela indlala enkulu kulelo zwe; yaqala ukuswela.

15. Yayisiya kukhonza komunye umuntu walelo zwe; yena wayithuma emadlelweni akhe ukuba yaluse izingulube.

16. Yafisa ukuzisuthisa ngemidumba edliwa yizingulube; kepha kayiphiwanga muntu.

17. “Kuthe sekusile kuyo, yathi: ‘Bangaki abaqashwa bakababa abanokudla okuningi, kanti mina ngifa indlala lapha.

18. Ngiyakusuka, ngiye kubaba, ngithi: Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho;

19. angisafanele ukuthiwa indodana yakho; ngenze ngibe njengomunye wabaqashwa bakho.’

20. Yayisisuka, yafika kuyise; kepha kuthe isekude, uyise wayibona, waba nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga.

21. “Indodana yayisithi kuye: ‘Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho; angisafanele ukuthiwa indodana yakho.’

22. “Kepha uyise wathi ezincekwini zakhe: ‘Sheshani nikhiphe ingubo enhle kunazo zonke, niyembathise, nifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni,

23. nilethe ithole elikhuluphalisiweyo, nilihlabe, sidle, sijabule;

Ngokukaluka 15