Ngokukaluka 14:2-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Bheka, kwavela phambi kwakhe umuntu othile owayenesifo samanzi.

3. UJesu wathatha, wathi kuzo izazimthetho nabaFarisi: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha noma qha?”

4. Kepha bathula. Wayesemphatha, wamphulukisa, wammukisa.

5. Wathi kubo: “Ngumuphi kini ongathi indodana noma inkabi iyele emgodini, angayikhiphi masinyane ngosuku lwesabatha, na?”

6. Bahluleka ukuphendula kulokho.

7. Wabalandisa abamenyiweyo umfanekiso, ebona ukuzikhethela kwabo izihlalo eziphambili, wathi kubo:

Ngokukaluka 14