Ngokukaluka 14:12-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Wathi nakommemileyo: “Uma wenza isidlo sasemini noma esakusihlwa, ungabizi abahlobo bakho, nabafowenu, nomndeni wakho, nabakhelwane bakho abacebileyo, funa nabo babuye bakumeme, kube khona ukwenanana.

13. Kepha uma wenza isidlo, mema abampofu, nezinyonga, nezimpumputhe;

14. uyakubusiswa-ke, ngokuba bangekwenanisele; uyakwenaniselwa ekuvukeni kwabalungileyo.”

Ngokukaluka 14