Ngokukaluka 14:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi ekungeneni kwakhe ngesabatha endlini yomunye waba yizikhulu kubaFarisi ukuba adle ukudla, bona uqobo babemqaphele.

2. Bheka, kwavela phambi kwakhe umuntu othile owayenesifo samanzi.

3. UJesu wathatha, wathi kuzo izazimthetho nabaFarisi: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha noma qha?”

Ngokukaluka 14