9. mhlawumbe ungaze uthele ngozayo; kepha uma kungenjalo, wowunquma.’ ”
10. Wayefundisa kwelinye lamasinagoge* ngesabatha.
11. Bheka, kwaba khona owesifazane onomoya wobuthakathaka iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, eseqhothile engenakululama nempela.
12. Kwathi uJesu embona, wambiza, wathi kuye: “Mame, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho.”
13. Wabeka izandla phezu kwakhe; weluleka khona lapho, wamdumisa uNkulunkulu.
14. Umphathi wesinagoge,* ecunukile ngokuba uJesu ephulukisile ngesabatha, waphendula, wathi kuso isixuku: “Kukhona izinsuku eziyisithupha okufanele ukusetshenzwa ngazo; ngakho-ke anoza ngazo, niphulukiswe, kungabi ngosuku lwesabatha.”
15. Kepha iNkosi yamphendula yathi: “Bazenzisi, kanti yilowo nalowo kini kayithukululi yini ngesabatha inkabi yakhe noma imbongolo yakhe emkhombeni, ayise ukuyoyiphuzisa, na?
16. Kepha lona, eyindodakazi ka-Abrahama, uSathane abembophile, bhekani, iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, bekungafanele yini ukuba akhululwe kuleso sibopho ngosuku lwesabatha na?”
17. Wathi ukuba asho lokho, bajabha bonke ababemelene naye; isixuku sonke sathokoza ngemisebenzi yonke yenkazimulo eyenziwe nguye.
18. Wayesethi: “Umbuso kaNkulunkulu ufana nani na? Ngiyakuwufanisa nani na?
19. Ufana nenhlamvu yesinaphi ayithatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe; yamila, yaba ngumuthi, izinyoni zezulu zaze zakhela emagatsheni awo.”
20. Wabuye wathi: “Umbuso kaNkulunkulu ngiyakuwufanisa nani na?
21. Ufana nemvubelo ayithatha owesifazane, wayifaka emaqomeni amathathu empuphu, kwaze kwabila konke.”
22. Wayesedlula, wahamba imizi ngemizi nemizana ngemizana, efundisa, eqonde eJerusalema.