Ngokukaluka 13:3-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha kanjalo nonke.

4. Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babe namacala kunabantu bonke abakhileyo eJerusalema na?

5. Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke.”

6. Wayesebalandisa lo mfanekiso wokuthi: “Umuntu othile wayenomkhiwane utshalwe esivinini sakhe; weza efuna isithelo kuwo, akasifumananga.

7. Wayesethi kuso isisebenzi sesivini: ‘Bheka, sekuyiminyaka emithathu ngiza ngifuna isithelo kulo mkhiwane, ngingasifumani; wunqume; yini ukuba uyone futhi inhlabathi?’

8. “Sona saphendula, sathi kuye: ‘Nkosi, wuyeke nangalo mnyaka, ngize ngivukuze inhlabathi emaceleni awo, ngiwuthelele umquba;

9. mhlawumbe ungaze uthele ngozayo; kepha uma kungenjalo, wowunquma.’ ”

10. Wayefundisa kwelinye lamasinagoge* ngesabatha.

11. Bheka, kwaba khona owesifazane onomoya wobuthakathaka iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, eseqhothile engenakululama nempela.

12. Kwathi uJesu embona, wambiza, wathi kuye: “Mame, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho.”

13. Wabeka izandla phezu kwakhe; weluleka khona lapho, wamdumisa uNkulunkulu.

14. Umphathi wesinagoge,* ecunukile ngokuba uJesu ephulukisile ngesabatha, waphendula, wathi kuso isixuku: “Kukhona izinsuku eziyisithupha okufanele ukusetshenzwa ngazo; ngakho-ke anoza ngazo, niphulukiswe, kungabi ngosuku lwesabatha.”

Ngokukaluka 13