11. Bheka, kwaba khona owesifazane onomoya wobuthakathaka iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, eseqhothile engenakululama nempela.
12. Kwathi uJesu embona, wambiza, wathi kuye: “Mame, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho.”
13. Wabeka izandla phezu kwakhe; weluleka khona lapho, wamdumisa uNkulunkulu.
14. Umphathi wesinagoge,* ecunukile ngokuba uJesu ephulukisile ngesabatha, waphendula, wathi kuso isixuku: “Kukhona izinsuku eziyisithupha okufanele ukusetshenzwa ngazo; ngakho-ke anoza ngazo, niphulukiswe, kungabi ngosuku lwesabatha.”
15. Kepha iNkosi yamphendula yathi: “Bazenzisi, kanti yilowo nalowo kini kayithukululi yini ngesabatha inkabi yakhe noma imbongolo yakhe emkhombeni, ayise ukuyoyiphuzisa, na?
16. Kepha lona, eyindodakazi ka-Abrahama, uSathane abembophile, bhekani, iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, bekungafanele yini ukuba akhululwe kuleso sibopho ngosuku lwesabatha na?”