Ngokukaluka 12:40-43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

40. Nani manibe nilungile, ngokuba iNdodana yomuntu iyeza ngesikhathi eningasicabangiyo.”

41. UPetru wayesethi kuye: “Nkosi, usilandisa thina lo mfanekiso nokuba bonke na?”

42. Yayisithi iNkosi: “Ngumuphi-ke umphathi othembekileyo noqondileyo, inkosi yakhe eyakumbeka phezu kwabendlu bayo ukuba abanike isabelo sabo sokudla ngesikhathi sakho?

43. Ibusisiwe leyo nceku okuyakuthi inkosi yayo, nxa ifika, iyifumane yenze njalo.

Ngokukaluka 12