28. Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, kakhulu kangakanani uyakunembathisa nina eninokukholwa okuncane.
29. Nani maningafuni eniyakukudla neniyakukuphuza; ningakhathazeki.
30. Ngokuba konke lokho kufunwa ngabezizwe bomhlaba, kepha uYihlo uyazi ukuthi niyakudinga lokho.
31. Kodwa funani umbuso wakhe, khona konke lokho kuyakwenezelwa nina.
32. “Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso.