27. “Bhekani iminduze ukuthi imila kanjani; ayiphothi, ayaluki, kepha ngithi kini noSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo.
28. Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, kakhulu kangakanani uyakunembathisa nina eninokukholwa okuncane.
29. Nani maningafuni eniyakukudla neniyakukuphuza; ningakhathazeki.
30. Ngokuba konke lokho kufunwa ngabezizwe bomhlaba, kepha uYihlo uyazi ukuthi niyakudinga lokho.
31. Kodwa funani umbuso wakhe, khona konke lokho kuyakwenezelwa nina.
32. “Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso.
33. Thengisani ngeninakho, niphe abampofu; nizenzele izikhwama ezingagugiyo, ingcebo engapheliyo ezulwini, lapho kungasondeli sela, kungoni nundu khona.
34. Ngokuba lapho kukhona ingcebo yenu, lapho iyakuba khona nenhliziyo yenu.
35. “Izinkalo zenu mazibe ziboshiwe, nezibani zivutha.
36. Nani yibani njengabantu ababheke inkosi yabo ibuya emshadweni ukuba, nxa ifika ingqongqotha, bayivulele masinyane.