Ngokukaluka 12:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi sezibuthene izigidi zabantu baze banyathelana, waqala ukukhuluma, ikakhulu kubafundi bakhe, ethi: “Xwayani imvubelo yabaFarisi engukuzenzisa.

2. Akukho okusitshekelweyo okungayikwambulwa, nokufihliweyo okungayikwaziwa.

3. Ngakho-ke konke enikukhuluma ebumnyameni kuyakuzwiwa ekukhanyeni, nalokho enikukhuluma endlebeni emakamelweni kuyakumenyezelwa phezu kwezindlu.

Ngokukaluka 12